0 likes | 13 Views
Embrace faith amidst challenges by staying steadfast, seeking truth, and following the path of Jesus. Explore different perspectives on sin, salvation, and victory through the verses cited. Be vigilant against the adversary's tactics and trust in God's guidance and strength to overcome. Remember that God sees our hearts, and our sins should draw us closer to seeking redemption rather than despair. Live a life rooted in faith and let the Holy Spirit guide your understanding and actions.
E N D
Isivivinyo yisitsha esisetshenziswa ukuncibilikisa into edinga umlilo oshisa kakhulu (e.g. igolide). Siphinde sisho uhlolo olunzima, noma ukuba sendaweni noma esimeni okungabangela ushintsho emuntwini noma isimilo sakhe. Izivivinyo azifani futhi azinamsuka owodwa. Make sifunde lezinhlobo zezivivinyo ezibhekana namakholwa. Izivivinyo zamaKristu. 1 kaPetro 4:12-19 Izivivinyo zikaSathane. 1 kaPetro 5:8-11 Izivivinyo zesono. kwabaseRoma 1:18-32 Izivivinyo zosindiso. Jeremiya 9:7-16 Izivivinyo zokuvikelwa. 2 kwabaseKorinte 12:7-10
“Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.” (1 kaPetro 4:12) Ukulandela uKristu kuza nobunzima. Ukuhlala uthembekile ekulingweni yisono, ukumela iqiniso ngaphezu kwenkohliso, ukufakaza ngokuthi uJesu unguMsindisi wezwe… Lapho senza lezi zinto, izitha zingazama ukusilimaza ukuze zithulise ubufakazi bethu. Lawa mava okuhlushwa ngenxa yokholo lwethu angafaniswa “nesigaba sokuncibilikiswa,” isigaba sesivivinyo. Siphila phakathi kwempikiswano phakathi kokuhle nokubi, phakathi kukaNkulunkulu noSathane. Ngakho-ke, kufanele singamangali lapho sibhekana nezinkinga uma simela uNkulunkulu esidlangalaleni.
USathane uyisitha esizimisele sangampela. Ufuna ukusilimaza. Umsebenzi wakhe ubonakala nhlangothi zonke (ukufa, ukuhlupheka, ukonakala kwesimilo, inkohliso…). Uthanda kakhulu ukusenza sone noma asibhubhise uma singoni. Lokhu ukuzama ngezindlela zonke. Yini esingayenza ngalokho? Ukuzithiba, ukuhlala silindile, ukumelana nezilingo, ukumela inkolo yethu ngamandla (1P. 5:8-9). UNkulunkulu uthembise ukusibuyisela, futhi asenze sibe namandla, siqine, futhi simelane nalempi (1P. 5:10). Khumbula ukuthi uSathane usenqotshiwe (Lk. 10:18; Ro. 16:20; Isamb. 12:11). Ukunqoba kwethu kuqinisekisiwe kuphela nje uma sibambelela kuJesu.
“Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,” (kwabaseRoma 1:18) Isono sihlala njalo sinemithelela emibi (Gal. 6:7). UNkulunkulu angahle ayisuse imiphumela yezonozethu, kodwa uvame ukungayisusi, ukuze siqonde ukuthi izono zethu zisilimaza kangakanani. Akufanele ukuba silindele okuthi sone kodwa singenzeki lutho, noma sicabange ukuthi “uNkulunkulu uyozwisisa isimo sethu futhi asikhulule emiphumeleni yezono zethu.” Ukweqa imithetho ejwayelekile yezempilo kuletha ukugula, isivivinyo esizilethela sona. KwabaseRoma 1:21-32 kuchasiswa izigaba zesono. Siyayeka ukucabanga ngoNkulunkulu (v. 21) Sikhonza izinto zomhlaba (v. 23) Sithemba ukuhlakaniph a kwethu (v. 22) UNkulunkulu usiyeka ezindleleni zethu (v. 28) Isono siyavela (v. 29-32)
Ngale kwemiphumela yezono zethu, uNkulunkulu ukhathazeke ngesono uqobo, ikakhulu izono esingafuni ukuzivuma. Uma singazivumi izono zethu, uNkulunkulu usiyeka sindlule esivivinyweni, ukuze sibone isono sethu sizizwe siyidinga insindiso. Isivivinyo siqala lapho uNkulunkulu esinza sinake izono zethu (kokunye ngezindlela ezibuhlungu) Isigaba siba buhlungu kakhulu ngoba kufanele senze isinqumo sokuyeka isono esisithandayo Sizwa ubuhlungu obukhulu ngoba siyasibona isono sethu
Kwesinye isikhathi uNkulunkulu uyeka uSathane ukuba asindlulise ezivivinyweni ezithize, ukuze sibe namandla, ukuze sikwazi ukumela izilingo ezizayo. UPawule waqonda ukuthi “iva” elalisenyameni yakhe lalimvimba ukuba angazikhukhumezi, nanokuthi angaziqhenyi ngokuzethemba. Waphetha ngokuthi “uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.” (2Co. 12:10) Isifinqo, akuzona zonke izivivinyo noma izilingo esindlula kuzo ezenziwe ngendlela efanayo noma ezinenhloso eyodwa. Masinxuse uMoya oNgcweleukuba asisize siqonde isilingo ngasinye futhi senze ngokufanele.
“Laboababambelelaokholweni lwabo kuze kubesekupheleni bayophuma emlilweni wezivivinyo becwebezela njengegolideecwengisiswe kasikhombisa... Laphousenkingeni, khumbulaukuthi ukholooluvivinywe emlilweni wezinhlupho lunenani elingaphezu kwegolideevivinywe ngomlilo.” E. G. W. (Christ Triumphant, July 11)